Wednesday, January 19, 2011

Zazi ukuthi ungubani.
Sibusiso Mbhele


Emiphakathini, ezikhungweni zemisebenzi, ezokungcebeleka kugcwele abantu abaningi abahlukile nabenza izinto ezincomekayo nezishaqisa umzimba. Ayikho into ebalulekile empumelelweni ukudlula ukwazi ukuthi ungubani wena. Ngaphambi kokuzithuthukisa ngokwemfundo, ngokwezezimali noma ngezepolitiki kubalulekile ukuqala ngokuthi “ ngingubani mina?”. Ungenzi isinqumo esiqondene nomkhakha othile ngaphandle kokuzazi wena kuqala.
Ezinye zezinkinga esibhekene nazo ebuholini, emphakathini, emnothweni kanye njalonjalo ingoba kunabantu abangazazi phecelezi brandless faces. Siphuthuma izikhundla eziphezulu, ukuba nemali eningi nokuhamba ngezimoto eziphezulu silibale ukuthola ubunjalo bethu. Bese uthola umuntu odumile enza izinto eziphambene nokulunga. Uzibuze ukuthi sekwenze njani manje? Kanti inking ukuthi naye akazi nokwazi ngesizathu sokuthi uzama ukwenza abantu bamthande. Uma kade ezazi, ubezokhetha ukugcina isithunzi sakhe ngenxa yokwazi ukuthu ungaubani emphakathini nokuthi ukwenza kwakhe kusho ukuthini kuye nasemphakathini jikelele.
Kungakho kulengosi ngithi ake sizazi ukuthi singobani, intone lena eyenza ukuba sibe yilokhu esiyikho namuhla, senze esikwenzayo emphakathini noma singabodwana. Ake uzibuze lemibuzo elandelayo ngawe ukuze uziqonde kahle ukuthi ungubani?
  • Ungubani?
  • Yini ekuchazayo?
  • Yini othanda ukuyenza?
  • Yini Okwazi ukuyenza?
  •  Yini ebalulekile kuwe?
  • Yiziphi izinto ezikhethekile ngawe; amakhono kanye thalente?
  • Ngubani odinga izinto onazo wena?
  •  Indawo enjani yokusebenza ebalulekile kuwe?
  • Yimaphi amakhono owadingayo ukuzithuthukisa wena nempilo yakho?
Uma usukwazile ukuphendula imibuzo engenhla qikelela ukuthi uzinikeza ithuba lokubuza umuntu oseduze kwakho ukuqinisekisa ukuthi usemgudwini oyiwonawona. Ngakho zihluphe ukuthi uzazi njengomuntu ukuze wazi nezindawo odinga ukuthi uzithuthukise empilweni yakho ukuze uphumelele. Ungadembeseli, lesi yisiqalo sempumelelo yakho.
Akusekude kangako ukucabanga ngekusasa lakho…
Sibusiso Mbhele
Izikhathi eziningi siyekela ukwenza izinto isikhathi sisekhona ngenxa yokuthi, isikhathi sisekhona. Lapho sivula khona amehlo sesishiywe isikhathi futhi uthola ukuthi asisakwazi ukwenza izinto njengo kade sihlela emqondweni yethu. Cabangela ngaphandle ukuze uqguqguzeleke. Ikusasa lakho liqala manje ngokho ke zinike ithuba elanele ukwenza izinto ngokufanele.  Unazo izindlela zokufeza izifiso kanye nephuphu lakho. Ezinye zazo yilezi ezilandelayo ngezansi;
Ayikho into enelisayo kunoku;
·         ukwenza into oyithandayo.
·         Uyenzisise.
·         Uyenze nabantu okuthokozelayo ukuba nabo kanye nokwenza imali endleleni.
Ayikho into ebuhlungu njekubambeka endaweni ethile.
·         Wenza into ongayithandi.
·         Ungayenzi kahle.
·         Nabantu ongabafuni.
Uma ufuna ukuthakasela ngokuyikho empilweni thola.
·         Into oyenza kangcono.
·         Into ekuthokozisayo uma uyenza.
·         Iyiphi indawo ekufanelayo.
Lokho kuzoncika ekutheni
·         Ekukhetheni ukuthi ufuna ukufunda ini empilweni.
·         Nokuthi uzofunda kanjani.
·         Ukwazi ukuthi uzofunda ndlelani.
·         Ekwazini ukuthi ulwazi uzoluthola kuphi, ekubeni nolwazi kanye namakhona afanelekile ekwenzeni lokho odinga ukukukwenza empilweni yakho.
Umklomelo wakho wokuqala empilweni uqhamuka ekuthakaseleni okwenzayo. Owesibili, umklomelo uqhamuka ekwazini ukwenzisisa noma ngabe yiliphi ikhono onalo noma ulwazi oluholela esipiliyonini nasekufezeni ukwenza into kahle hle.
Hlangabezana nalezidingo ezingenhla, uzomangala ukuthi maningi amathuba ozawathola azokuholela kangcono empilweni.

Tuesday, January 18, 2011

Ukubaluleka kokuzamukela uyilokhu oyikho empilweni…
Sibusiso Mbhele
Ayikho into engalethu ukwaneliseka empilweni yakho noma ngabe yisiphi isimo ozithola ukuso ngaphandle kokuzamukela wena. Ukuzamukela kwenza ukuthi ungemukeli kuphela okuhle kepha nalokhu okubi nongeke ukuguqule ngawe. Ukuzamukela kubalulekile ukwenza izinguquko ezinohlonze empilweni yakho. Noma ngabe usuzibheke kanjani eminyakeni edlule zitshele ukuthi “ngingakwazi” yenza izinqumo ezintsha. Bheka usuku nosuku njengethuba leziqalo ezintsha.
ukuzamukela wena kukunika umdlandla, uqgozi kanye nenkuthazo. Ufinyelela kanjani ekuzamukeleni wena? Okokuqala, yazi ukuthi ubalulekile ngaphandle kokuphumelela kanye nobuthakathaka onakho. Qaphelisisa izinto ezinhle onazo nalokho okuhle osuke wakwenza. Yazi ukuthi unamandla okwenza izinqumo okuyizo ngomcabango, ngenkulumo kanye nango kwenza.
1. Wehlukile
·         Unendlela yokuziveza ekhethekile kuwe.
·         Finyelela ekwahlukeni kwakho kanye nasemandleni onawo.
2. Unelungelo lokuphumelela
·         Impilo enenjabulo kanye nemigomo enzulu ibalulekile ngamunye ngamunye futhi iyilungelo.
3. Thakasela lokho oyikho
·         Izifiso, imicabango, inkulumo yakho kanye nokwenza kwakho konke kuncike ekutheni ungubani nasekutheni uzazi kanjani.
Ngakho ke masikulwele ukuzamukela thina ukuze nabanye abantu basamukele. Ukuzibukela phansi kwehlisa amandla okuphumelela empilweni.

Monday, January 17, 2011

Ngabe kusho ukuthini ukuqala unyaka omusha kuwe?


Ngabe kusho ukuthini ukuqala unyaka omusha kuwe? 
 Sibusiso Mbhele
Ukuqala konyaka omusha kusho izinto eziningi kubantu abaningi. Kwabanye kusho ukwedlulela kwelinye izinga elingcono kunaleli ekade bekulo ngonyaka odlule, kwabanye kusho ukuqala kabusha nezinhlelo ekade bezenzile zangaphumelela kanti kwabanye kuyafana nje.
Sithanda noma singathandi impilo iyaqhubeka, lokho kusho ukuthi usuku lwanamuhla ngeke lufane nolwakusasa kanti lungafani noluphelile. Manje kubalulekile ukuthi umuntu akuhlelele ukuqala unyaka ukuze uphele azi ukuthi uzuzeni futhi kumele ashintshe kuphi ukuze impilo ibengcono. Abanye bethu bayeka izinto kuze kuphele isikhathi ekubeni umuntu ebengenza kahle uma kade ehlale phansi wahlela ukuthi ufunani empilweni futhi kumele athathe ini ayihlanganise nani ukuze abe uyaphumelela.
Abantu esibabona komabonakude nasemaphepheni ngelinye ilanga bazinikeza ithemba lokuthi “ kulonyaka ngizokwenza izinto zenzeke”. Abanye abazange baphumelele kepha bangalahla ithemba kwaze kwalunga. Kungani ungacabangi ukuthi nawe unamandla okwenza kwenzeke ngaphandle kokuthi uvelaphi nokuthi unani njengamanje. Unyaka mufishane uma uzodelela usuku, isonto kanye nenyanga. Zinikele ekutheni unyaka ka 2011 owakho futhi uzokwenza impilo yakho ibe yisibonelo esihle nakwabanye abantu. Uma ungakucabangi ukuthi ungakwenza kwenzeke ekekho ongakwenzela kwenzeke, libala amanxeba ka 2010 kepha zilungiselele u 2011 futhi uzitshele ukuthi noma kanjani ngizophuemelela.
Bakwethu, masikhumbule ukuthi singabashayeli bempilo yethu. Ngeke sifike lapho esifuna ukufika khona uma singangeni esihlalweni somshayeli sisuse inqola yempumelelo. Kholelwa kuwe kanye nakunyaka ka 2011 ukuthi awufani neminye iminyaka nokuthi nawe awufani nabanye abantu ngalokho uzonqoba. “ ungahambi lapho kunendlela khona kepha hamba lapho ingekho khona ushiye indlela ngoba ukukholelwa ebuqhaweni kwenza amaqhawe”. Make uzibuze ukuthi lonyaka ka 2011 usho ukuthini kuwe nokuthi ukuphatheleni? Usaphendula ngithi ziphe ithuba kube kanye lokuphumelela empilweni.