Ukubaluleka kokuzamukela uyilokhu oyikho empilweni…
Sibusiso Mbhele
Ayikho into engalethu ukwaneliseka empilweni yakho noma ngabe yisiphi isimo ozithola ukuso ngaphandle kokuzamukela wena. Ukuzamukela kwenza ukuthi ungemukeli kuphela okuhle kepha nalokhu okubi nongeke ukuguqule ngawe. Ukuzamukela kubalulekile ukwenza izinguquko ezinohlonze empilweni yakho. Noma ngabe usuzibheke kanjani eminyakeni edlule zitshele ukuthi “ngingakwazi” yenza izinqumo ezintsha. Bheka usuku nosuku njengethuba leziqalo ezintsha.
ukuzamukela wena kukunika umdlandla, uqgozi kanye nenkuthazo. Ufinyelela kanjani ekuzamukeleni wena? Okokuqala, yazi ukuthi ubalulekile ngaphandle kokuphumelela kanye nobuthakathaka onakho. Qaphelisisa izinto ezinhle onazo nalokho okuhle osuke wakwenza. Yazi ukuthi unamandla okwenza izinqumo okuyizo ngomcabango, ngenkulumo kanye nango kwenza.
1. Wehlukile
· Unendlela yokuziveza ekhethekile kuwe.
· Finyelela ekwahlukeni kwakho kanye nasemandleni onawo.
2. Unelungelo lokuphumelela
· Impilo enenjabulo kanye nemigomo enzulu ibalulekile ngamunye ngamunye futhi iyilungelo.
3. Thakasela lokho oyikho
· Izifiso, imicabango, inkulumo yakho kanye nokwenza kwakho konke kuncike ekutheni ungubani nasekutheni uzazi kanjani.
Ngakho ke masikulwele ukuzamukela thina ukuze nabanye abantu basamukele. Ukuzibukela phansi kwehlisa amandla okuphumelela empilweni.
No comments:
Post a Comment