Wednesday, January 19, 2011

Zazi ukuthi ungubani.
Sibusiso Mbhele


Emiphakathini, ezikhungweni zemisebenzi, ezokungcebeleka kugcwele abantu abaningi abahlukile nabenza izinto ezincomekayo nezishaqisa umzimba. Ayikho into ebalulekile empumelelweni ukudlula ukwazi ukuthi ungubani wena. Ngaphambi kokuzithuthukisa ngokwemfundo, ngokwezezimali noma ngezepolitiki kubalulekile ukuqala ngokuthi “ ngingubani mina?”. Ungenzi isinqumo esiqondene nomkhakha othile ngaphandle kokuzazi wena kuqala.
Ezinye zezinkinga esibhekene nazo ebuholini, emphakathini, emnothweni kanye njalonjalo ingoba kunabantu abangazazi phecelezi brandless faces. Siphuthuma izikhundla eziphezulu, ukuba nemali eningi nokuhamba ngezimoto eziphezulu silibale ukuthola ubunjalo bethu. Bese uthola umuntu odumile enza izinto eziphambene nokulunga. Uzibuze ukuthi sekwenze njani manje? Kanti inking ukuthi naye akazi nokwazi ngesizathu sokuthi uzama ukwenza abantu bamthande. Uma kade ezazi, ubezokhetha ukugcina isithunzi sakhe ngenxa yokwazi ukuthu ungaubani emphakathini nokuthi ukwenza kwakhe kusho ukuthini kuye nasemphakathini jikelele.
Kungakho kulengosi ngithi ake sizazi ukuthi singobani, intone lena eyenza ukuba sibe yilokhu esiyikho namuhla, senze esikwenzayo emphakathini noma singabodwana. Ake uzibuze lemibuzo elandelayo ngawe ukuze uziqonde kahle ukuthi ungubani?
  • Ungubani?
  • Yini ekuchazayo?
  • Yini othanda ukuyenza?
  • Yini Okwazi ukuyenza?
  •  Yini ebalulekile kuwe?
  • Yiziphi izinto ezikhethekile ngawe; amakhono kanye thalente?
  • Ngubani odinga izinto onazo wena?
  •  Indawo enjani yokusebenza ebalulekile kuwe?
  • Yimaphi amakhono owadingayo ukuzithuthukisa wena nempilo yakho?
Uma usukwazile ukuphendula imibuzo engenhla qikelela ukuthi uzinikeza ithuba lokubuza umuntu oseduze kwakho ukuqinisekisa ukuthi usemgudwini oyiwonawona. Ngakho zihluphe ukuthi uzazi njengomuntu ukuze wazi nezindawo odinga ukuthi uzithuthukise empilweni yakho ukuze uphumelele. Ungadembeseli, lesi yisiqalo sempumelelo yakho.

No comments:

Post a Comment