Ukulungiselela interview…
Sibusiso Mbhele
Ithuba lokubizwa kwi interview libaluleke ngendlela exakile. Kangangokuba kubalulekile ukuba neCV eseqophelweni eliphezulu ukufunyelela kulesigaba, ukubizelwa ku interview kusho ukuthi usuzobhekana nethimba labaqasha ukuze uzethule njengomuntu okufanele ukuthi anikwe ithuba lokuba yingxenye yenkampani. Abanye abantu bayalidelela ithuba elinjengaleli kanti alitholakali kalula ngesizathu sokuthi udlula enselelweni enkulu ngaphambi kokuthi unikwe leli thuba. Manje lisebenzise ngendlela okuyiyona.
Iziphi izinto ezidingeka ukuthi umuntu aziqaphele ukuze lingaphunyuki ithuba elinjangaleli?
Ukulungiselela I interview
· Bheka ukuthi uyazi lapho ezobe ibambelwe khona I interview
· Bhekisisa isikhathi se interview
· Yazi ukuthi ubani ozobe eku interviewer, igama labo negabelo; qaphelisisa ukuthi abizwa kanjani amagama abo.
· Usuyicwaningisisile inkampani?
· Wawabheka amakhono onawo, I CV yakho bese uyazilungiselela ukuthi amaphuzo abalulekile okuzidayisa uwamise kanjani
First impression count
· Ungabi ngemuva ngesikhathi.
· Ungabhemi noma udle ushingamu.
· Ungaqambi amanga noma ugagamele ngongakwenza.
· Ungazehlisi ngoba ufuna ukuba ngathi uphansi.
· Bingelela ithimba ngamagama awo.
· Lindela ukunikwa isihlalo ngaphambi kokuthi uhlale phansi.
· Gcina ukulibheka emehkweni ithimba.
· Qgoka ngendlela eseqohelweni eliphezulu phecelezi professional.
· Phendula imibuzo ngendlela okuyiyo futhi uveze amakhono onawo kanye nobumqoka bakho.
· Ungakhohlwa ukusebenzisa imizuzwana yokugcina ikusebenzele. Good first impression and good last impression.
Indlela ebizwa ngokuthi I STAR yokuphendula imibuzo
· S: Situation – describe the situation/ chaza isimo.
· T: Task or problem – what dilemma or problem did you face? Inkinga owabhekana nayo?
· A: Action – what action did you take? Isenzo owasenza ukuxazulula inkinga?
· R: Result – what was the result of your action? Umphumela wesenzo sakho
Lezi zinto ezingenhla zibalulekile ukuthi uziqaphele ukuze uma usuya kwi interview ube ukulungile futhi wazi ukuthi yini elindelwe kuwe. Liusebenzise lelithuba kube ngathi elokuqala elokugcina ukuze wenze konke okusemandleni ukuzizuzela ithuba lomsebenzi.
No comments:
Post a Comment